Imvume yokusebenza ngaphansi kwesivumelwano yidokhumende enikezwa abantu ababuya ngaphandle ukungena eNingizimu afrika ukuzobamba iqhaza kwizinhlelo okuvunyelwane ngazo phakathi kweNingizimu Afrika kanye namazwe athintekayo kulezo zivumelwano.
Gcwalisa ifomu le-BI - 1738 kwinxusa yeNingizimu Afrika noma imission eseduzane.
Incwadi ebuya kwinhlangano yombuso othintekayo kwisivumelwano, eqinisekisa uhlelo. Incwadi izoqinisekisa isivumelwano sohlelo okusetshenziswa ngaso, ukubamba iqhaza komenzi wesicelo okukhulunywa ngaye kuhlelo kanye nemisebenzi okulindeleke ukuthi yenziwe ngumenzi wesicelo ngaphansi kwesivumelwano.
Isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa somenzi wesicelo sawo onke amazwe umenzi wesicelo kanye nowakwakhe abahlale kuwo, ukusukela kwiminyaka engu-18, kanye nezingane ezincike kuye ezineminyake engu-18 ukuya kwephezulu, ezizobe zihamba nomenzi wesicelo eNingizimu Afrika.
Incwadi yokuzibophezela komqashi, lapho avuma khona umsebenzi osemahlombe akhe maqondana nezindleko zokubuyisela umenzi wesicelo emuva, kanye nalabo abancike kuye uma kunesidingo. Uma umqashi engumnyango kahulumeni, kanti engakwazi ukwenza incwadi yesibophezelo okukhulunywa ngaso, izwe eluthumela lowo muntu ngokwalo, lingenza leyo ncwadi yesibophezelo.
